Isigwebo sokuthumela imininingwane engesilo iqiniso ukuze ubhaliswe nokufakwa kwemininingwane engesilo iqiniso kulejista noma ukuzenza omunye umuntu.
Umqulu wokuziphatha kushiwo umqulu wokuziphatha, ukwenza ngendlela eyiyo kanye noma enye inqubo yokuziphatha emiswe ngaphansi kwaloMthetho.
i kuphakamisa nokugcina izinga eliphezulu lobuchwepheshe nokuziphatha kwabahlengikazi; kanye j nokukhuthaza izinjongo ezihleliwe zoMkhandlu.
q ukuqinisekisa ukuthi kwenziwa usabelo sezimali ngokwesigaba 23 no 24 nokuthi uMkhandlu awugudluki kuleso sabelo; kanye r ukwenza eminye imisebenzi enganqunywa.
n wenze iziphakamiso kuNqgongqoshe ngemithethonkambiso mayelana noma iluphi undaba olunganqunywa ngaphansi kwaloMthetho; futhi o jikelele, wenze zonke izinto ongabona zifanele noma zibalulekile ukuze ufeze izinjongo zaloMthetho.
(a)UMkhandlu uyakuba namalunga angeqile kwangama-25, ayi-14 kulawo kufanele kube ngabhaliswe ngaphansi kwesigaba 31 (a) no (b), aqokwe nguNgqongqoshe ngokubheka ulwazi lawo kwezokufundisa abahlengikazi, ubuhlengikazi, ezempilo emphakathini, usizo lwezempilo lokuqala, ezempilo emsebenzini nezempilo ngokwengqondo.
Amalunga kufanele aqokwe nguNgqongqoshe ngemuva kokuba amagama aphakanyiswe yilabo bantu abathintekayo, nangemuva kokukhipha isaziso ephephabhukwini lombuso simema ukuba kuphakanyiswe amagama amalunga amasha.
b Uma kwenzeka uNgqongqoshe engatholi magama noma kuphakanyiswe amagama angenele esikhathini esinqunyelwe isimemo sokuphakanyiswa kwamagama, uNgqongqoshe angaqoka isamba esidingekayo samalunga afanele ukuqokwa njengamalunga ngokwesigatshana 1.
Ilunga liyophatha leso sokhundla isikhathi esingqile eminyakeni emihlanu kusukela ngosuku eliqokwe ngalo.
Amagama amalunga oMkhandlu, usuku aqale ngalo esikhundleni nesikhathi aqokwe ukuba asihlale esikhundleni kufanele kukhishwe nguNgqongqoshe ngesaziso ephephabhukwini loMbuso ngokushesha ngemuva kokuba beqokiwe.
UNgqongqoshe angaphinda aqoke umuntu osephelelwe isikhathi sakhe, aqokelwe esinye isikhathi esingeqile eminyakeni emihlanu.
Lelo nalelo lunga kufanele uma lingena esikhundleni lisayide isethembiso sokuthi lizolandela okushiwo yiloMthetho kanye noMqulu wokuziphatha a UNgqongqoshe angachitha uMkhandlu uma uhluleka ukulandela noma ikuphi okushiwo yiloMthetho.
b Yonke imisebenzi yoMkhandlu iyakuba semahlombe kaNgqongqoshe kuze kuqokwe uMkhandlu omusha.
UNgqongqoshe angaqoka umuntu oyedwa noma abaningi ukuba aphenye uMkhandlu nokuba enze umbiko ngemuva kwalolo phenyo uma kukhona ukusola ukuthi uMkhandlu uyehluleka ukulandela okushiwo yiloMthetho nomqulu wokuziphatha.
i belilunga loMkhandlu kaMasipala , isishayamthetho sesifundazwe noma iPhalamende likazwelonke; noma ii onesikhundla kusifundazwe noma kuzwelonke noma engumsebenzi wanoma iyiphi inhlangano noma umgwamanda wezepolitiki.
d likhubazeka ngendlela yokuthi engasakwazi ukunquba umsebenzi wakhe njengelunga loMkhandlu; noma e lingasenazo iziqu esidingekayo zokuba aqokwa njenlunga loMkhandlu.
f ilunga livumela noma lingena ezindlekweni ezingagunyaziwe noma ezingafanele noma ezingenambuyiselo noma eziyincithakalo; noma g ukupheliswa kobulunga lobo kuzoba izunzo noma kuzosiza umphakathi.
Noma isiphi isikhundla esivelayo eMkhandlwini sivezwa yilokho okushiwo esigabeni 7 noma isigaba 8 noma isikhundla esivezwe ngukufa kwelunga kufanele sigcwaliswe nguNgqongqoshe ngokwesigaba 5 , futhi ilunga eliqokiwe kufanele liqedele leso sikhathi ebesingakapheli lelo lunga elishiyile ebelikhethelwe sona.
UNgqongqoshe, ngemuva kokubonisana noMkhandlu, kufanele aqoke elinye lamalunga oMkhandlu eliqokwe ngokwesigaba 5 (a) njengoSihlalo woMkhandlu.
b Emhlanganweni wokuqala woMkhandlu amalunga kufanele akhethe isekela likaSihlalo kulolohlobo okukhulunywa ngalo esigabeni 31 1 a no b.
c UNgqongqoshe angahoxisa ukuqokwa kwelunga njengosihlalo noma isekela likasihlalo uma lokho kuzosiza umphakathi noma uma ilunga lingakwazi noma lehluleka ukunquba umsebenzi walo njengosihlalo izinyanga ezingaphezulu kwezintathu.
Usihlalo nesekela likasihlalo kufanele baphathe isikhundla leso isikhathi esilingana naleso abaqokelwe sona njengamalunga omkhandlu ngaphandle uma usihlalo noma isekela lakhe esulwa noma engaseyilo ilunga loMkhandlu ngaphambi kokuphela kwesikhathi sokuba sesikhundleni sobulunga noma esuswa esukhundleni nguNgqongqoshe ngokwesigaba 8.
Uma engekho uSihlalo noma ngezizathu ezithile engakwazi ukuqhuba umsebenzi njengosihlalo, isekela likasihlalo, ngokuhambisana nokushiwo kusigatshana 1, unegunya lokwenza yonke imisebenzi futhi asebenzise amandla kasihlalo.
Uma usihlalo nesekela lakhe bengekho emhlanganweni, amalunga akhona emhlanganweni angakhetha elinye ilunga ukuba lengamele umhlangano lenze wonke umsebenzi kasihlalo futhi lisebenzise amandla kasihlalo kuze kube usihlalo noma isekela lakhe liqhuba umsebenzi walo.
Uma isikhundla sikasihlalo singenamuntu, uNgqongqoshe kufanele aqoke njengosihlalo, ngokubona kwakhe, noma imuphi umuntu kulawo malunga oMkhandlu asele, noma ngomunye umuntu ngokwesigaba 5 1 no 2, futhi lowo muntu oqokiwe kufanele aphathe isikhundla isikhathi esisale kulowo muntu amlandelayo.
Uma isikhundla sesekela likasihlalo singenamuntu, amalunga kufanele emhlanganweni wawo wokuqala ngemuva kokuvela kwesikhala leso noma ngokushesha ngemuva kokuvela kwesikhathi akhethe omunye wawo njengesekela likasihlalo kanti lelo lunga elikhethiwe liyokuba kuleso sikhundla isikhathi esisale kulowo owayeqokelwe leso sikhundla.
d jikelele, aqinisekise ukuthi uMkhandlu wenza umsebenzi wawo futhi ufeza izinjongo zawo ngokwaloMthetho nokuthi ulandela noma ikuphi okushiwo yiloMthetho; futhi e aqinisekise ukuthi imali eyabelwe uMkhandlu yenziwe ngendlela enqunyiwe nokuthi uMkhandlu uwugudluki kuleso sabelo.
UNobhala kufanele ngemuva kokubonisana nosihlalo abize umhlangano woMkhandlu oyoba sendaweni nangesikhathi nosuku olumiswe uMkhandlu futhi kufanele enze uhla lokuzoxoxwa ngakho alungise nemibhalo ezosetshenziswa kulowo mhlangano.
UMkhandlu kufanele ubambe imihlangano engekho ngaphansi kwemine ngonyaka ngenhloso yokuqhuba umsebenzi wawo, kodwa uMkhandlu ungabamba eminye imihlangano ngaphezu kwalena ngokubona kwawo.
a ungabizwa usihlalo noma ingasiphi isikhathi; noma b kufanele ubizwe ngusihlalo ubanjwe endaweni nangesikhathi nosuku oluyomiswa nguyena usihlalo ezinsukwini ezingama-30 kusukela osukwini uNgqongqoshe axhuse ngalo ukuba ubanjwe noma ngemuva kwesicelo esibhaliwe esisayidwe okungenani yingxenye yokuthathu yamalunga.
Isicelo esibhaliwe okukhulunywa ngaso kusigatshana 3 b, kufanele sibeke kucace inhloso yokubizwa komhlangano.
Isibalo samalunga emhlanganweni yisigamu samalunga esephelele wonke nelunga elilodwa ngaphezulu.
Noma isiphi isinqumo esithathwe uMkhandlu kufanele sibe ngesithathwe yiningi labavoti emhlanganweni woMkhandlu kukhona isibalo esanele samalunga, uma kwenzeka amavoti elingana ondabeni, ilunga elengamele yilona eliyoba nevoti elingumqamulajuqu ngaphezu kwevoti lakhe.
Ngokwenhloso yaloMthetho, iningi lamavoti emhlanganweni woMkhandlu noma umhlangano wanoma iliphi ikomiti liyakuba yisigamu yamalunga akhona nelunga elilodwa ngaphezulu.
Ngamalunga kuphela anelungelo lokuvota nganoma iluphi undaba lapho uMkhandlu kudingeka uthathe isinqumo.
a kunesikhala esingagcwalisiwe eMkhandlwini noma b umuntu obekungafanele ahlale njengelunga emhlanganweni, uhlale njengelunga ngesikhathi kuthathwa isinqumo, uma ngabe isenzo besingagunyazwanga yiningi lamalunga akhona emhlanganweni ngaleso sikhathi navumelekile ukuhlala njengamalunga oMkhandlu.
e umuntu oqokwe ngokwesigaba 5 1 b iii; kanye f nomuntu oqokwe ngokwesigaba 5 b vii.
Ilunga lekomiti eliphethe okukhulunywa ngalo kusigatshana 1 c no f kufanele likhethwe amalunga oMkhandlu.
Uma kwenzeka ukuthi amavoti awalingani mayelana nondaba lapho ikomiti eliphethe kufanele lithathe isinqumo , usihlalo uyakuba nevoti elingumqamulajuqu ngaphezu kwevoti lakhe.
Isikhathi sokuphatha isikhundla samalunga ekomiti eliphethe kuyakuba izinyanga ezingama-20.
Ikomiti eliphethe lingasebenzisa amandla ngale kwamandla okukhulunywa ngawo esihlukweni 3 futhi lingenza noma imuphi umsebenzi woMkhandlu esikhathini esiphakathi kwemihlangano yoMkhandlu kodwa alinawo amandla okuchitha noma ukuchibiyela isinqumo somkhandlu, ngaphandle uma uMkhandlu uyala nokunye, nangokuhambisana neziyalo zoMkhandlu.
Noma isiphi isenzo esenziwe noma isinqumo esithathwe ikomiti eliphethe isibopho ngaphandle uma sichithwe noma sichitshiyelwe uMkhandlu emhlanganweni wawo olandelayo.
UMkhandlu ungasungula amanye amakomiti, okubalwa ikomiti lokuziphatha ngobuchwepheshe nekomiti lezemfundo, uma ubona kufanele ukuze lenze uphenyo futhi lenzele uMkhandlu umbiko nganoma iluphi undaba olusendimeni yomsebenzi wawo.
Lelo nalelo komiti eliqokwe ngokwesigatshana 1 liyakuba namalunga amaningi akhethwe uMkhandlu ngokubona kwawo, ngaphandle kwekomiti lokwedluliswa kwezokuqondiswa izigwegwe okukhulunywa ngaso kusigatshana 4, kumbandakanywa nelunga elilodwa lomkhandlu, okufanele libe ngusihlalo walelo komiti.
a UMkhandlu , ngokuhambisana nokushiwo kusigatshana 4, ungadlulisela ekomitini elisingulwe ngokwesigaba 1 noma kunoma imuphi umuntu amandla awo ongabona efanele.
b UMkhandlu ngeze wephucwa lawo mandla adlulisiwe futhi ungachibiyela noma uchithe isinqumo saleyo komiti esithathwe kusetshenziswa lawo mandla adlulisiwe.
Ikomiti lokwedlulisa undaba lokuqondiswa izigwegwe okukhulunywa ngalo kusigatshana 4 linamandla okuguqula, ukuqinisekisa noma ukuchitha isinqumo sekomiti elisingulwe ngokwesigatshana 1 noma ukuphindisela emuva undaba ekomitini neziyalo elingabona zifanele.
Isinqumo sekomiti lokuqondiswa izigwegwe, ngaphandle uma lwedlulisiwe, siyisibopho esisebenzayo kusukela ngosuku olumiswe ikomiti kodwa uma kwedluliswe isikhalo ngenhlawulo yokusulwa noma ukumiswa kokusebenza, leyo nhlawulo iyasebenza kuze kube usuku okuphethwa ngalo ukwedluliswa kondaba.
Amalunga oMkhandlu namalunga amakomiti oMkhandlu kufanele aholelwe iholo noma inkokhelo emiswe nguNgqongqoshe ngokubonisana noNgqongqoshe weziMali.
aNoma imuphi umuntu ongekho ngaphansi kwemithetho elawula abasebenzi bombuso kuyofanele aholelwe iholo kumbandakanya nezimfanelo zokuhamba nokudla angene kuzo uma esebenzisa amandla , noma enza umsebenzi noma efeza izibopho abelwe zona noma azithweswe nguMqondisi-Jikelele, ezimiswe uNgqongqoshe ngokubonisana neNgqongqoshe weziMali.
bNoma yiliphi elinye iholo okungakhulunywa ngalo noma elingabaliwe endimeni a kufanele likhokhwe uMkhandlu.
c Noma iliphi ilunga elingaphansi kwemithetho elawula abasebenzi bombuso kufanele lithole isikhathi sokuphumula esikhethekile noma ilivu ukuze lenze umsebenzi woMkhandlu.
Uma kukhona noma yini eyenziwe ngaphansi kwaloMthetho okumayelana nokuqokwa kwanoma iliphi ilunga noma okungenziwanga ngesikhathi noma ngendlela yaloMthetho, uNgqongqoshe angayala ukuba kuthathwe izinyathelo ezidingekayo ukulungisa lokho okungenziwanga noma iphutha noma alungise noma yini eyenziwe ngendlela engalungile ukuze kufezwe injongo yaloMthetho.
UNgqongqoshe kufanele, ngemuva kokubonisana noMkhandlu, aqoke uNobhala woMkhandlu ukuba enze umsebenzi ngaphansi kwaloMthetho kanti futhi uNgqongqoshe ngemuva kokubonisana noMkhandlu angaxhosha uNobhala.
Ukuqokwa kukaNobhala kuyoncika ekusayidweni kwesivumelwano phakathi koMkhandlu naye uNobhala, okuyofanele samukelwe nguNgqongqoshe.
Isikhathi sokuphatha isikhundla sikaNobhala kuyakuba iminyaka emihlanu, kodwa uNgqongqoshe ngemuva kokubonisana nomkhandlu, angabuye asibukeze asandise isikhathi ngokubona kwakhe.
Unobhala angaqoka abanye abantu, ngokuhambisana nezinqubomgomo nemihlahlandelala yoMkhandlu angabona kufanele ukuze kwenziwe umsebenzi obalulwe kuloMthetho, uNobhala angaxhosha futhi labo bantu.
Abasebenzi kufanele babe namalunga nabaphathi abakhulu ngokumisa abaphathi boMkhandlu ngemuva kokubonisana noNgqongqoshe.
b agcine amalejista alabo ababhalisele ukusebenza futhi kufanele ngokuyalwa uMkhandlu afake kulejista igama nekheli lendawo yokuhlala, neziqu, usuku lokuqala ukubhalisa neminye imininingwane, okumbandakanya, uma kudingeka, imininingwane ngomkhakha walowo obhalisela ukusebenza, umbelethisi osafunda, umhlengikazi osafunda, ngokunquma koMkhandlu, yawo wonke umuntu ofake isicelo sokubhalisa ngokwaloMthetho samukelwa.
c alungise ilejista ngokufaka imininingwane emisha kahle ngokusho kwaloMthetho noma asuse kuleyo lejista amagama abo bonke abasebenzayo asebesusuwe ngokwaloMthethi futhi kufanele ngokuhamba kwesikhathi alungise ukushintsho lwamakheli noma iziqu zalabo bantu ababhalisiwe.
g adalulele uMkhandlu wonke amaqiniso nolwazi olungasiza ukuthathwa kwesinqumo noma isenzo soMkhandlu noma usihlalo; kanye h ukuvimbela ukuthikamezeka kwezezimali noma ukuphathwa koMkhandlu.
a enza ngendlela engahambisani nezibopho abelwe zona ngokwalomthetho; noma b asebenzise isikhundla sakhe noma amagunya noma oulwazi oluyimfihlo aluthole njengoNobhala ukuze azuze yena ngokwakhe noma kuzuze omunye umuntu.
g izimalimboleko, nokweboleka emholweni; kanye h noma iluphi uhlobo lwezunzo noma izimfanelo zabasebenzi.
a asize uMkhandlu ekwenzeni umsebenzi ophathelene nokwabiwa kwezimali anikwe wona ngokwaloMthetho; futhi b anike usihlalo usizo lokuphatha , izinsiza kanye nolwazi oludingekile ukuze aqhube lowo msebenzi.
a ukusetshenziswa kwemali kuyancishishwa uma kudingekile uma kulindeleke ukuthi isabelo singancishiswa kulokho obekubaliwe; nokuthi b ukusebenza nezindleko kuhlala kuqashiwe.
Uma kudingekile, uNobhala kufanele alungise isabelo asithumele kusihlalo ukuze asibhekisise bese esithula eMkhandlwini.
a uhlelo olusewuhlaka lokulethwa kosizo nokusetshenziswa kwesabelo salowo nyaka owabelwe ; kanye b nesivumelwano sokusebenza esiwuhlaka njengoba kudingekile kuNobhala nezimenenja ezinkulu.
UNobhala kufanele kuthi zingakapheli izinsuku eziyi-10 ngemuva kokuphela kwenyanga athumele kusihlalo isitatimende ngendlela enqunyiwe ngesimo sesabelo.
UNobhala kufanele athumele eMkhandlwni nakuMqondisi-Jikelele ulwazi, imibhalo nencazelo, izincomo kanye bezizathu.
Uma uNobhala ehluleka ukuhambisana nanoma imuphi umthwalo ngokwaloMthetho kufanele ngokushesha abike ngalokho kwehluleka kwakhe nezizathu eMkhandlwini nakuMqondisi-jikelele.
Noma isiphi isinyathelo esithathwa uMkhandlu noma ilunga loMkhandlu ngoNobhala ngenxa yokuthi uNobhala wehlulekile ukulandela lokho okushiwo yiloMthetho kuyisenzo esingalungile ngokwezemisebenzi ngokwenhloso yoMthetho wezaBasebenzi ka 1995, uMthetho ongunombolo 66 ka 1995.
a amandla noma isibopho esithweswe uNobhala ngokwaloMthetho; noma b amandla noma isibopho esidingekayo ukusiza uNobhala ukuba alandele isibopho esidinga ukuba uNobhala athathe izinyathelo ukuqinisekisa ukufezwa kwezinhloso zokuthile okushiwo kuloMthetho.
uNobhala ngeze adlulisa amandla noma izibopho anikwe zona ngokwaloMthetho kunoba yiliphi ilunga loMkhandlu.
Unobhala angaqinisekisa, ashitshe noma achithe noma isiphi isinqumo esithathwe ngokusetshenziswa kwamandla adlulisiwe noma adlulisiwe futhi okwesibili ngokwaloMthetho, kodwa lokho kuguqulwa noma ukushitshwa kwesinqumo ngeke kwaphuca umuntu ilungelo elitholakale ngenxa yaleso sinqumo.
a kwemali elindelekile ezoqoqwa; kanye b nezimali ezitholakala kwezisale onyakeni odlule noma ebezabelwe okunye.
UMkhandlu kufanele uvule futhi ugcine okungenani I-akhawunti eyodwa ebhange ngegama lawo uMkhandlu.
Imali ingakhishwa ebhange ngendlela enqunyiwe kuphela.
UNobhala kufanele athumele igama lebhange lapho kuvulwe khona I-akhawunti, nehlobo lwaleyo akhawunti nenombolo yayo, kuMncwaningi-mabhuku-Jikelele kanye nakuMqondisi-Jikelele zingakhapheli izinsuku ezingama-60 kusukela ivuliwe leyo akhawunti.
UNobhala angadlulisa izibopho zakhe okukhulunywa ngazo kusigatshana 5 kumenenja noma umphathi ophethe ezezimali noma Isikhulu esengamele ezimali kuphela.
Ngaphandle uma kushiwo okunye kuloMthetho, uMkhandlu ungangena ezindlekweni kuphela uma...
a ngokuhambisana nesabelo esamukelwe; futhi b ngokungeqi ezithiyweni noma ukungadlulisi kusamba esabelwe izinhlelo ezahlukene esabelweni esamukelwe.
Ukuze uMkhandlu ukwazi ukulandela lokho okushiwo isigatshana 2, usihlalo kufanele aneke noma ethule isabelo sonyaka emhlanganweni woMkhandlu okunganani kusasele izinsuku ezingama -90 ngaphambi kokuqala konyaka wesabelo leso.
Usihlalo kungumthwalo wakhe ukulungisa isabelo futhi kufanele aqinisekise ukuthi uhlaka lwesabelo luyaxhumana nohlelo lomkhandlu nokuthi isabelo siyamukelwa njengoba kunqunyiwe.
UNobhala kufanele athumele isabelo esamukelwe kuMqondisi-Jikelele zingakapheli izinsuku ezingama 30 ngemuva kokwamukelwa nguMkhandlu.
Isabelo sonyaka soMkhandlu kufanele sehlukaniswe kabili imali egciniwe nemali ezosetshenziswa ngokuhambisana nenqubo yomhlaba nangendlela okunqunywe ngayo.
abaphathi abakhulu, okumbandakanya isikhulu esiyinhloko nabanye abantu abaqokwe uNobhala kanye g neminye imibhalo enqunyiwe.
Ezimweni eziphuthumayo noma kwezinye nje izimo ezingajwayelekile uSihlalo angagunyaza izindleko ezingalindelekile noma ezingenakugwemeka ebezingahlinzekwanga esabelweni esamukelwe.
c kufanele usihlalo abikele uMkhandlu ngazo emhlanganweni ozayo; futhi d kufanele zikhokhelwe ngemali yesabelo elungiselwe leso simo.
Uma imali elungiselwe leso simo ingedluliswa zingakapheli izinsuku ezingama-60 ngemuva kokungena kulezo zindleko, izindleko lezo ziba ngezingagunyaziwe.
d Noma iliphi ilunga noma isikhulu soMkhandlu ogunyaza izindleko ezingafanele noma noma eziiyncithakalo noma ngokunganakeleli unesibopho sokukhokha lezo ndleko.
a kuyizindleko ezingagunyaziwe , i zigunyazwa uma selukungiswa isabelo; noma ii ziqinisekiswa uMkhandlu, ngemuva kuphenyo olwenziwe yikomiti loMkhandlu njengenakubuyiseleka nokufanele isulwe emabhukwini nguMkhandlu; futhi b kuyizindleko ezingafanele nezingenazithelo noma eziyincithakalo, ngemuva kophenyo yikomiti loMkhandlu, eqinisekiswe yikomiti loMkhandlu njengezingenakubuyiseleka zisulwe emabhukwin inguMkhandlu.
Uma uNobhala enolwazi lokuthi uMkhandlu, usihlalo noma ikomiti eliphethe, uthathe isinqumo okuzothi uma sisebenza sibe nomphumela wezindleko ezingagunyaziwe, ezingalungile, ezingenazithelo neziyincithakalo, uNobhala angeke abobephezeleka ngezindleko ezingagunyaziwe, ezingalungile, noma ezingenazithelo noma ezyincithakalo, iqobo nje uma uNobhala ezise uMkhandlu, usihlalo noma ikomiti eliphethe ukuthi lezi zindleko ngezingagunyaziwe, ezingalungile noma ezingenazithelo nezyincithakalo.
i ukubuyisa noma ukulungisa lezo zindleko; kanye ii nokuvimbela ukungena ezindlekweni ezifana nalezi futhi.
Kuyovulwa icala lobugebengu noma kuthathwe izinyathelo zokuqondiswa izigwengwe kulowo muntu omangalelwe icala lokungena ezindlekweni ezingagunyaziwe, ezingaqondile noma ezingenazithelo neziyincithakalo ngale kokuthi zesuliwe noma ezengesulwanga ngokwesigatshana 2.
a izindleko ezingaqondile ezingavulelwa icala lobugebengu; kanye b nokweba nokukhwabanisa okwenzekayo eMkhandlwini.
UMkhandlu kufanele ubhale umhlahlandlela wenqubomgomo okufanele uMkhandlu uwulandele noma usebenze phansi kwawo uma uphethe izimali ezisezandleni nezitshaliwe, futhi utshale izimali ezingakadingeki ngaleso sikhathi.
a uma kunezizathu ezizwakalayo zokuthi leyo mpahla ayisadingeki ekuqhubeni umsebenzi woMkhandlu ; nokuthi b kuzotholakala imali efanele leyo mpahla.
Ukudluliswa kobunini noma ukuchithwa kwempahla okukhulunywa ngakho kusigatshana 1 kufanele kube ngokufanele, okulinganayo okuvulelekile nokunokuqophisana okuhambisana nemihlahlandlela wenqubomgomo yoMkhandlu okukhulunywa ngawo esigabeni 27.
i zindlela ezisebenzayo nezinekhono nokuvulelela zokuphathwa kwemali nobucayi nezokulawula ngaphakathi.
indlela yokuhlola zonke izinhlelo ezimbandakanya ukusetshenziswa kwemali ngaphambi kokuthathwa kwesinqumo ngalolo hlelo.
UMkhandlu kufanele uqinisekise ukuthi kuyahlangatshezwana nezidingo zesigatshana 2 futhi ziyaphumeleliswa ngendlela.
Noma imuphi umuntu othikameza uNobhala noma uMkhandlu ekufezeni izidingo zesigatshana 2 no 3 uyakuba necala kanti uma elahlwa yicala uyakukhokha inhlawulo noma ahlale ejele isikhathi esingeqile eminyakeni emibili noma kokubili inhlawulo nokubhadla ejele.
Umhlengikazi ongungoti ngumuntu owufundele umsebenzi onekhono lokunquba umsebenzi ngokuzimela ngokugcwele ngendlela nangeqophelo elinqunyiwe okwaziyo futhi ukuthwala umthwalo nokubika kulowo msebenzi.
Umbelethisi ngumuntu okufundele lokhu nonekhono lokubelethisa ngokuzimela ngokugcwele ngendlela nangeqophelo elinqunyiwe okwaziyo futhi ukuthwala umthwalo nokubika kulowo msebenzi.
Umhlengikazi ongusitafu ngumuntu ofundele ukuqhuba umsebenzi oyisisekelo sobuhlengikazi ngendlela nangeqophelo elinqunyiwe.
Umsizi womhlengikazi noma umsizi wombelethisi ngumuntu ofundele ukunikeza usizo lokuqala lokunakekela kobuhlengikazo ngendlela nangeqophelo elinqunyiwe.
UNgqongqoshe anganquma indima yomsebenzi wobuhlengikazi abangongoti nenqubo yeminye imikhakha yobuhlengikazi okukhulunywa ngayo esigabeni 31 2.
e umsizi mbelethisi.
UNgqongqoshe, ngemuva kokubonisana noMkhandlu, angakhipha isaziso ePhephabhukwini loMbuso iGazethi akhe noma amise eminye imikhakha yabantu abangabhalisela ukusebenza njengabahlengikazi uma ebona kufanele ukuze kuzisakale umphakathi.
Umqashi angeze aqasha noma agcine emsebenzini wakhe umuntu owenza umsebenzi ophathelene nomsebenzi wobuhlengikazi, ngaphandle komuntu onezifundo ezifanele zobuhlengikazi nobhalisile ngaphansi kwezigatshana 1 no 2.
Akekho umuntu ungasebenzisa noma iliphi igama kulawo abalwe kusigatshana 1 noma 2 ngaphandle uma ebhalise kanjalo ngokwalesi sigaba.
e nezinye izincwadi noma imibhalo nolwazi oluphathelene nesicelo sakhe olufunwa nguNobhala ngokuthunywa uMkhandlu.
Uma uNobhala anelisiwe ukuthi ulwazi nezincwadi ezithunyelwe ezisekela isicelo sokubhaliswa ziyahlangabezana nezidingo zaloMthetho futhi esethole nemali enqunyiwe yokubhalisa, uNobhala angakhipha isitifiketi sokubhaliswa esigunyaza lowo ofake isicelo, ngokuhambisana nalokho okushiwo kusigatshana 1, ukuba asebenze noma anqube umsebenzi wanoma yiluphi uhlobo okukhulunywa ngalo kusigatshana 1 ngaphakathi eRiphablikhi.
UNobhala angabhalisa umuntu ngokwesigatshana 1 kuphela uma anelisekile ukuthi lowo muntu ofake isicelo sokubhaliswa ufunde ngokufanele noma uMkhandlu nawo wanelisekile.
b umuntu okusulwe igama lakhe kufanele abhalelwe aziswe nguNobhala; futhi c noma isiphi isitifiketi sokubhaliswe esikhishwe kulezi zimo siyothathwa njengesisuliwe kusukela ngosuku okukhishwe ngalo isaziso.
UNobhala kufanele asule kulejista igama lomuntu osebenza ubuhlengikazi noma akhombise ngophawu kulegista igama lomuntu osuliwe noma omisiwe ukuba asebenze bese ebhalela lowo muntu amazise.
Umuntu ophula lokho okushiwo izigatshana 1, 3 no 4 uyakubekwa icala kanti uma elahlwa icala uyakuhlawuliswa noma aphonswe ejele isikhathii esinqile ezinyangeni eziyi-12 noma okukubili inhlawulo nokubhadla ejele.
Umuntu oseqede uhlelo olwenza akwazi ukubhalisela omunye umkhakha kufanele afake isicelo sokuba kulungiswe ukubhaliswe kwakhe kuhambisane nezifundo zakhe.
Umuntu oqede uhlelo oluholela ekutheni abhalise emkhakheni ophezulu, kufanele kuthi ngemuva kokufaka isicelo nokuhlolisiswa uMkhandlu kuguqulwe ukubhaliswa kwakhe kulejista.
Umsebenzi kufanele abhalele azise uNobhala ngokushintsha kwemininingwane yakhe zingakapheli izinsuku ezingama-30 kusukela lwenzekile lolo shintsho.
Noma imuphi umuntu osafunda noma oqeqeshelwa ubuhlengikazi kufanele afake isicelo eMkhandlwini sokubhaliswa njengomhlengikazi osafunda noma umbelethisi osafunda.
UMkhandlu kufanele ubhalise njengomhlengikazi osafunda noma umbelethisi osafunda noma imuphi umuntu osehlangabezene noma oseyifezile imibandela enqunyiwe nosenikeze imininingwane efanele yohlelo loqeqesho esikhungweni sokufundela ubuhlengikazi.
Umuntu ophethe isikhungo sokufundela ubuhlengikazi kufanele kuthi esikhathini esiyizinsuku ezingama-30 azise futhi athumele eMkhandlwini imininingwane enqunywe uMkhandlu mayelana nabahlengikazi abasafunda asebeqale, asebeqede, nabadluliselwe noma abashiye uhlelo lokufundela ubuhlengikazi nokufundiselwa ubuhlengikazi.
Umuntu ohluleka ukunikeza uMkhandlu imininingwane edingekayo yokubhalisa, esikhathini esiyizinsuku ezingama-90, umhlengikazi osafunda noma umbelethisi osafunda okukhulunywa ngaye kusigatshana 3 noma owephula lokho okushiwo yisigatshana 5 uyakuba necala uma elahlwa yicala uyokhokha inhlawulo noma aphonswe ejele isikhathi esingeqile ezinyangeni eziyi-12 noma kokubili inhlawulo nokubhadla ejele.
Amaziko ezempilo kufanele avumele ukutholakala kwezinto zokuqeqeshwa kunoma ubani obhaliswe ngaphansi kwaloMthetho.
UNobhala kufanele asuse kulejista igama lomhlengikazi osafunda, noma enze uphawu elegisteni egameni lanoma imuphi umuntu, omisiwe ukunquba izifundo zakhe futhi abhalele azise lowo mhlengikazi osafunda noma umuntu ngalokho.
c enalo lonke ulwazi lomsebenzi, amakhono nobuciko; noma d ekulelizwe laseRiphablikhi okwesikhashana esincane ukuzosebenza, ezocwaninga noma ezofunda.
a leso sikhathi esimiswe uMkhandlu, esingeqile eminyakeni emithathu; futhi b ngaphansi kwemibandela emiswe uMkhandlu.
Umuntu obhaliswe ngokwalesi sigaba osebenza ngendlela eyaphula lokho okushiwe kusigatshana 2 uyakuba necala kanti uma elahlwa icala uyakuhlawuliswa noma aphonswe ejele isikhathi esingeqile eminyakeni emibili noma kokubili inhlawulo nokubhadla ejele.
Ngokuhambisana nalokho okushiwo yisigatshana nokukhokhwa kwemali enqunyiwe, uMkhandlu ungabhalisa iziqu ezengeziwe zomuntu obhaliswe ngokwesigaba 31 nofake isicelo esibhaliwe sokubhaliswa, uma ehambisana nemibandela enqunyiwe nokunikezela ngemininingwane enqunyiwe.
Yiziqu ezinqunyiwe kuphela ezingabhaliswa ngokwalesi sigaba.
Ilejista kufanele igcinwe ehhovisini likaNobhala, futhi uMkhandlu ungayala ukuba kweziwe imifanekiso yelejista noma uhlu olwengeziwe olukhombisa okwengeziwe, okusuliwe, isichibiyelo noma ukubukezwa okwenziwe kusukela kukhonjiswe imifanekiso welejista ephelele, kwenziwe, kubhalwe noma kusakazwe noma kukhonjiswe kumakhompuyutha ngesikhathi ezingamiswa yiwona uMkhandlu ngokubona kwawo.
a aliveli kulowo mfanekiso, noma ogama lakhe lengeziwe kulejista ngemuva kosuku lokugcina lokukhishwa kwalowo mfanekiso, umfanekiso oqinisekisiwe ngesandla sikaNobhala wokufakwa kwegama lalowo muntu kulejista kungubufakazi bokuthi lowo muntu ubhalisiwe ngokusho kwaloMthetho; noma b lisisiwe kulejista, kusukela ngosuku lokugcina lokukhishwa kwaleyo legista futhi elingabuyiselwanga kulejista, isitifiketi esisayidwe ngesandla sikaNobhala sokuthi igama lalowo muntu lisuliwe kulejista siyoba ubufakazi bokuthi lowo muntu akabhalisile ngokwaloMthetho.
Isitifiketi sokubhaliswa siwubufakazi bokubhaliswa isikhathi esiwunyaka kusukela ngosuku okubhalwe ngalo ngemuva kwalokho kuyokuba isitifiketi sokusebenza sonyaka esiyokhishwa ngemuva kokukhokhwa kwemali enqunyiwe yonyaka nokuthunyelwa kwemininingwane engadingwa uMkhandlu ukuze ugcine amanani aliqiniso ngabantu abasebenza kwezobuhlengikazi kuwubufakazi bokubhaliswa ngaphandle uma kunobufakazi obunqada ikhanda obuphikisana nalokhu.
Amarisidi akhishwe ngegama loMkhandlu mayelana nezimali ezikhokhelwa ukubhalisa, ayakuba ubufakazi emacaleni ngokomthetho ukuthi lowo muntu ubhaliswe ngokwalo Mthetho, kodwa uma lapho noma imuphi umuntu ogama lakhe...
a livela kulejista nowehlulekayo ukuveza irisidi, irisidi ngesandla sikaNobhala ingubufakazi bokuthi lowo muntu obhalisiwe ngokwaloMthetho; noma b lisuliwe kulejista kusukela ngosuku okukhishwe ngalo irisidi futhi ingazange libuye libhalwe kulejista, isitifiketi esikhishe ngesandla sikaNobhala sokuthi lelo gama lesusiwe kulejista ngubufakazi bokuthi lowo muntu akabhalisiwe ngokwaloMthetho.
UNgqongqoshe, ngezincomo ezenziwe uMkhandlu anganquma iziqu ezitholakale ngokuhlolwa okwenziwe isikhungo sokufundisa ubuhlengikazi esiseRiphablikhi, okuyothi uma enazo zodwa noma nezinye iziqu zivumele lowo muntu onazo ukuba abhalise ngokwaloMthetho uma ngemuva kokuthola lezi ziqu okukhulunywa ngazo ehambisane nemibandela noma izidingo ezinganqunywa.
b uhlobo nobungako bokuqhubeka nokuthuthuka ngomsebenzi okufanele kwenziwe yilabo abanquba umsebenzi; kanye c nenqubo yokwamukelwa nguMkhandlu kwezenzo noma izinhlelo zokuqhubeka ukuthuthuka ngokomsebenzi nezikhungo ezigunyazwe ukuba zinikeze lezo zinhlelo.
Umuntu oyisakhamuzi saseNingizimu Afrika ofisa ukubhalisa okokuqala ukuba enze umsebenzi kulemikhakha enqunyiwe kufanele enze umsebenzi wokusiza umphakathi okhokhelwayo isikhathi esingunyaka owodwa ezikweni likahulumeni elinika usizo lwezinto zempilo.
Umuntu okukhulunywa ngaye kusigatshana 1 kufanele abhalise emkhakheni wokusiza umphakathi.
b imibandela yokusebenza ephathelene nomuntu owenza lomsebenzi; kanye c nemikhakha yokubhaliswa okungadingeki kuyo ukwenziwa kwalomsebenzi.
UMkhandlu kufanele uqinisekise ukuthi indlela yokuziphatha enqunyiwe ephathelene nocwaningo oluphathelene nomsebenzi wobuhlengikazi iyalandelwa futhi ungathatha izinyathelo zokuqondisa izigwewge ezifanele kumuntu owephula leyo nkambiso noma imuphi umthetho.
b sinike uMkhandlu olunye ulwazi olwengeziwe oludingwa uMkhandu ngenhloso yokugunyaza noma ukwamukela izinhlelo zemfundo noqeqesho; kanye c nokukhokha imali enqunyiswe.
UMkhandlu ungenqaba noma isiphi isicelo esenziwe ngokwesigatshana 1 noma unike igunya lesikhashana noma imibandela.
Ngokuhambisana nesigatshana 1 no 2 uMkhandlu ungakhipha isitifiketi esinika igunya noma sokugunyazwa sesikhungo sokufundisa ngobuhlengikazi kanye nalolo nalolo hlelo lokufundisa ngobuhlengikazi olunikwa yileso sikhungo zokufundisa ngobuhlengikazi.
Umuntu owephula lokho okushiwo kulesi sigaba uyakubekwa icala kanti uma elahlwa yicala uyokhokhiswa inhlawulo noma ukuphonswa ejele isikhathi esingeqile eminyakeni emibili noma kokubili inhlawulo nokubhadla ejele.
Umuntu osohlelweni lokufunda esikhungwini sokufundisa nokuqeqeshela ubuhlengikazi angasebenzisa leligama " umhlengikazi osafunda", Umbelethisi osafunda", Umbelethisi oyindoda osafunda", noma ngokufingqiwe kanje "LN", noma "LM", ngokulandelana.
j otholakale engaphilile ngokwenqgondo ngemuva kophenyo oluyokwenziwa ngaphansi kwesigaba 51.
UNobhala kufanele anikeze lowo muntu okuzosulwa igama lakhe isaziso ngokusulwa kwegama lakhe ngokwendima b noma k yesigatshana 1 ngencwadi eposwe ngeposi elibhalisiwe eqondiswe kulowo muntu ekhelini lalowo muntu elivela kulejista.
a noma isiphi isitifiketi sokubhaliswa esikhishwe ngokwaloMthetho kulowo muntu sithathwa njengesesuliwe; futhi b umuntu ogama lakhe lisuliwe kulejista kufanele ayeke ukusebenza noma ukunquba umsebenzi futhi akavumelekile ukwenza izenzo ezenziwa umuntu obhalisiwe.
b ekhokha imali enqunyiwe c ehambisana nazo zonke izidingo ezingamiswa uMkhandlu; futhi d ekulungele ukubhaliswa.
b ezikeza umbhalosifungo lapho eqinisekisa khona ukuthi isitifiketi sokubhaliswa silahlekile noma sonakele; futhi c ekhokha imali emiswe nguMkhandlu.
UNobhala angakhipha okucashunwe kulejista okuqinisekisiwe noma isitifiketi okukhulunywa ngaso kusigatshana 2 ngesandla sakhe kunoma imuphi umuntu ngemuva kokukhokha imali enqunyiwe.
Isitifiketi singakhishwa ngaphansi kwemibandela engakhishwa uMkhandlu futhi leyo mibandela iyovezwa kusona isitifiketi.
UMkhandlu ungenza uphenyo uma kunesikhalo noma izinsolo sokungaziphathi kahle komuntu onquba umsebenzi noma umqondisi, imenenja noma umnini wesikhungo esibhaliswe ngokwaloMthetho, ungathola lowo muntu enecala lokwenza lokho, angakhokhiswa inhlawulo okukhulunywa ngayo esigabeni 47, kodwa uma kunezikhalo, icala noma izinsolo okungase kuholele ecaleni lobugebengu enkantolo, uMkhandlu ungahlehlisa uphenyo kuze kuphothulwe noma kuphele icala lobugebengu.
Uma kungekho isikhalazo, icala noma izinsolo, uMkhandlu ungaqalisa uphenyo uma kufika kuwo izinsolo zokungaziphathi kahle.
Uma uMkhandlu unokungabaza ngokwenziwa kophenyo mayelana nesikhalo, icala noma izinsolo, ungabonisana noma ufune olunye ulwazi kubantu, okumbandakanya nalowo muntu okunezikhalo, icala noma izinsolo ngaye ukuze ubheke ukuthi uphenyo ludingekile yini.
d inhlawulo eqhunyiwe;kanye e nokukhokha izindleko zophenyo.
UMkhandlu kufanele uqoke umphenyi ukuze enze uphenyo egameni loMkhandlu ngokwalesi sahluko.
UNobhala angabe esekhipha isamaniso ngefomu elinqunyiwe kulowo omangalelwe eligxivizwe yikomiti lophenyo olwandulelayo lapho ummangalelwa engavuma ukuthi unecala lokungaziphathi kahle nokuthi uyavuma ukukhokha inhlawulo enqunywe kumasamaniso ngale kokuba avele phambi kophenyo njengoba kushiwo esigabeni 46.
Uma amasamaniso okukhulunywa ngawo kusigatshana 4 ekhishilwe ummangalelwa engavelanga phambi kophenyo engavuma ukuthi unecala lokungaziphathi kahle ngokomsebenzi ngokukhokha imali enqunyiwe eMkhandlwini ngaphambi noma ngosuku olunqunywe kumasamaniso.
a Inhlawulo emiswe ngokwalesi sigaba , ngaphandle kokuvuma icala ivulekile izinsuku eziyi-14 kusukela ngosuku lwesaziso.
b Ukukhishwa kwenhlawulo ngokwalesi sigaba kufana nesinqumo senkantolo ecaleni lombango enkantolo kamantshi yalapho uphenyo lwenziwe khona ngaphansi kwesigaba 46 noma esifundankantolo lapho ummangalelwa ehlala khona.
Inhlawulo okukhulunywa ngayo kusigatshana 1 enqunywe yikomiti lokuziphatha noma uphenyo lokwandulela okukhulunywa ngalo kusigatshana 3 ngale kokukhuzwa, ngeke kusebenze ngaphambi kokuba kuqinisekiswe uMkhandlu, kodwa inhlawulo okukhulunywa ngayo kusigatshana 1 enqunywe yikomiti lokuziphatha noma isiphi isinqumo esikhishwe yikomiti ngaphansi kwesigaba 10 kufanele lelo komiti likhiphe leso sinqume uma lokhu kuzoba nenzuzo emphakathini, siyoqala ukusebenza ngokushesha, futhi kufanele kuphele izinyanga eziyisithupha ngaphandle uma siqiniswe nguMkhandlu isikhathi singakapheli.
a Ngesikhathi kwenziwa uphenyo ngaphansi kwalesi sigaba, ummangalelwa kufanele anikwe ithuba lokuvuma noma ukuphika icala nokuba kulalelwe ukuthi ulivika noma uliphika kanjani icala.
b Noma yimuphi umuntu oyingxenye yophenyo ngokuziphatha emsebenzini unelungelo lokuzikhethela umuntu ozommela, kodwa lowo muntu ongummeli kufanele alandele izinqumo ezimisiwe eziphathelene nophenyo.
c Ngale kokuthi uliphikile noma ulivumile icala lowo obekwe icala, uMkhandlu noma ikomiti lokuziphatha eMsebenzini angadinga ummangali noma ummangalelwa ukuba athule ubufakazi.
Noma iyiphi inhlawulo ekhishwe ngaphansi kwesigaba 1 kufanele ibhawe phansi isayidwe ngusihlalo woMkhandlu futhi kufanele iqhutshwe ngendlela enqunyiwe.
enzisa isifungo noma imuphi ufakazi ; futhi iii cubungula noma iyiphi incwadi, irekhodi, umbhalo noma yini acelwe ukuba ayiveze ufakazi.
b Incwadi ebiza ufakazi ukuba avele phambi koMkhandlu noma phambi kwekomiti lokuziphatha emsebenzini njengofakazi noma ukuletha incwadi, irekhodi noma umbhalo noma yintoni kufanele kwenziwe ngefomu elinqunyiwe futhi kufanele ithunyelwe ngeposi ibhaliswe noma ngendlela efanayo nencwadi ebiza umuntu ukuba avele phambi kwenkantolo kamantshi.
edukisa uMkhandlu noma ikomiti eqondile noma ngenhloso; noma v enqaba ukuphendula imibuzo engazifaki ecaleni noma ngolwazi lwakhe lonke , unecala uma elahlwa yicala uyakukhokha inhlawulo enqunyiwe.
d Umuntu obizwe ukuba avele ophenyweni unamalungelo afanayo nawofakazi obizwe ukuba avele phambi kwenkantolo kaMantshi.
USihlalo wekomiti lokuziphatha emsebenzini angaqoka abasizi ukuba baluleke uMkhandlu noma ikomiti ezindabeni eziphathelene nomthetho, inqubo, ubufakazi uma enquba uphenyo.
a hlehlisa ukukhishwa kwesigwebo okwesikhathi esithile futhi limise nemibandela ; noma b khipha noma isiphi isigwebo esimiswe esigabeni 47 1 b kodwa linganquma ukuba ukusebenza kwesigwebo kumiswe okwesikhathi esithile futhi limise nemibandela.
Uma, ekupheleni kwesikhathi obekuhlehliswe ngaso ukukhishwa kwesigwebo ngokwesigatshana 1 a, uMkhandlu wanelisekile ukuthi umuntu obhaliswe ulandele yonke imibandela ekhishwe nesigwebo, uMkhandlu kufanele wazise lowo muntu obhalisiwe ukuthi isigwebo okukhulunywa ngaso esigabeni 47 ngeke esikhishelwe sona.
Uma ukusebenza kwesigwebo noma ingxenye yaso imisiwe ngokwesigatshana 1 b futhi uMkhandlu wanelisekile ukuthi lomuntu okukhulunywa ngaye uselandele yonke imibandela kuso sonke leso sikhathi esimisiwe, uMkhandlu kufanele wazise lowo muntu ukuthi isigwebo ekukhulunywa ngaso esigabeni 47 ngeke sisasebenza.
Uma ukusebenza kwesigwebo noma ingxenye yaso imisiwe ngokwesigatshana 1 b futhi lowo muntu onquba umsebenzi okukhulunywa ngaye ehluleka ukuhambisana nowodwa noma eminingi imibandela yokumiswa, uMkhandlu kufanele uqale ukusebenzisa isigwebo noma ingxenye yaso ngaphandle uma lowo onquba umsebenzi anelisa uMkhandlu ukuthi ukwehluleka ukuhambisana nemibandela emisiwe bekungaphezu kwamandla akhe.
Onquba umsebenzi omisiwe noma ogama lakhe lisusiwe kulejista ngokwesigaba 47 akavumelekile ukuba anqube umsebenzi nesitifiketi sakhe siyohoxiswa kuze kuphele isikhathi noma kuze kube igama lakhe liyabuyiselwa kulejista.
Igama lomuntu osuswe kulejista ngokwesigaba 47 1 c noma ogama lakhe libuyiselwe kulejista ngokwesigatshana 3 b kufanele likhishwe ephephabhukwini loMbuso iGazethi.
a uqede ukumiswa okukhulunywa ngakho kusigatshana 1 singakapheli isikhathi esinqunyiwe; noma b ubuyisele kulejista igama ebelisuliwe, kodwa lokho kubuyiselwa kungenziwa kuphela emuva kwezinyanga eziyi-12 ngemuva kokwesulwa.
Lowo msebenzi uMkhandlu uyakuphatha undaba lwakhe ngokwalesi sahluko uma elahlwa yicala uyakugwetshwa isigwebo esisodwa noma esingaphezulu kwaleso okukhulunywa ngaso esigabeni 47 kodwa ngaphambi kokukhishwa kwaleso sigwebo, lowo msebenzi kufanele anikwe ithuba lokuzikhalela phambi koMkhandlu ngalokho akwenzile ukuze axengiselwe isigwebo.
Noma ingasiphi isikhathi kusaqhubeka undaba phambi kwenkantolo yomthetho, uma kuvela phambi kwenkantolo ukuthi kucace bha ukuthi kunesenzo sokungaziphathi kahle emsebenzini ohlangathini lwalowo muntu obhalisiwe ngaphansi kwaloMthetho, inkantolo kufanele iqiniseke ukuthi imifanekiso yaleyo nqubo yecala noma ingxenye yayo ebalulekile ithunyelwa eMkhandlwini.
b akasakwazi ukuqhuba umsebenzi ngekhono elamukelekile nangokuphepha; noma c uma kungumhlengikazi osafunda, ongasakwazi ukuqhubeka nehlelo lwezifundo, uMkhandlu kufanele uqoke ikomiti elizokwenza uphenyo ngendlela enqunyiwe.
a vumela ukuba lowo muntu ukuba aqhubeke ukusebenza noma uma bekungumfundi aqhubeke nezifundo zakhe ngaphansi kwemibandela ethile uMkhandlu ongabona ifanele; noma b umise lowo muntu isikhathi esithile noma uyekise lowo muntu ukusebenza, uma bekungumfundi ukuba aqhubeke ukufunda noma aqhubeke nohlelo lwezifundo.
Uma umuntu okukhulunywa ngaye kusigatshana 2 efaka isicelo sokubuyiselwa, uMkhandlu kufanele ucubungule ukuthi lowo muntu angakwazi ukuqhubeka nomsebenzi ungahoxisa noma welule isikhathi sokumiswa.
Isigaba 49 kufanele sisetshenziswe kulowo msebenzi umisiwe ngokwesigatshana 2, kungashitshwa uma kudingekile.
Ikomiti okukhulunywa ngayo kusigatshana 1 lingaqoka umuntu onolwazi olufanele ukuba abe umsizi aluleke ikomiti.
Ngokwenhloso yalesi sigaba, "ukukhubazeka" kusho isimo esenza umsebenzi angakwazi ukuqhubeka nomsebenzi wobuhlengikazi ngekhono nangokuphepha.
a yokuhlola leso sikhungo noma indawo ngezinga losizo lobuhlengikazi mayelana nokuziphatha ngokomsebenzi emsebenzini; noma b ukuphenya noma iluphi undaba oluphathelene nokufunda nokuqeqesha abafundi ukuba bathole iziqu zokunquba umsebenzi wobuhlengikazi ngobuchwepheshwe ngokwaloMthetho.
Noma imuphi umuntu ovimbela noma othikameza umuntu ogunyaziwe okukhulunywa ngaye kulesisigatshana uyakubekwa icala.
Umuntu obhaliswe ngaphansi kwaloMthetho okhuluma okungesilo iqiniso ngokuthi uyawazi umsebenzi noma ubhalisiwe njengomhlengikazi noma anqube umsebenzi emkhakheni angawubhalisiwe uyakubekwa icala.
b umhlengikazi osafunda noma umbelethisi osafunda osebhale izivivinyo zakhe zokugcina noma osesethubeni lokubhala izivivinyo zakhe zokugcina zokuthola iziqu okuyothi uma ezithola, abe nelungelo lokubhalisa kuze kube isikhathi labo aziswa ngemiphumela yakhe yalezi zivivinyo.
c umsebenzi onika usizo ezimweni eziphuthumayo; noma d noma imuphi umkhakha wabantu abangamiswa uMkhandlu.
c owonakalisa ngabomu , noma enze kungafundeki okubhalwe kulejista noma ngale kwemvume yomini wesitifiketi esikhishwe ngaphansi kwaloMthetho.
e enza isitifiketi mbumbulu, azi ukuthi ngumbhalombumbulu , noma ekhipha noma imuphi umbhalo mbumbulu okufanele ukhishwe ngaphansi kwaloMthetho.
Umuntu otholakale enecala okukhulunywa ngalo kusigatshana 1 uyakugwetshwa inhlawulo noma ukuboshwa noma kokubili inhlawulo nokuphoswa ejele.
Umuntu obhalise ngaphansi kwaloMthetho ethatha, esebenzisa noma esakaza , igama noma incazelo noma uphawu elikhombisa noma elithathwa njengeliholela umuntu ukuthi acabange ukuthi uneziqu zokunquba lomsebenzi ezibhaliswe kodwa ezingekho kulejista uyakubekwa icala uma elahlwa yicala uyakuhlawuliswa imali noma aboshwe isikhathi esingedluli iminyaka emibili noma kokubili inhlawulo nokuboshwa.
Umuntu owephula noma owehluleka ukugcina lokho okushiwo yiloMthetho uyakubekwa icala, ngaphandle uma inhlawulo emisiwe, uma elahlwa yicala angagwetshwa akhokhiswe inhlawulo noma aboshwe isikhathi esingedluli iminyaka emithathu noma kokubili inhlawulo nokuboshwa.
a enikeza ubufakazi ngokuphothulwa kweziqu noqeqesho; b ekhokha imali yokubhaliswa enqunyiwe;kanye c nokuhambisana nesigatshana 6.
Isitifiketi sokubhalisa okukhulunywa ngas okusigatshana 2 sisebenza iminyaka emithathu.
UMkhandlu ungasivuselela isitifiketi okukhulunywa ngaso kusigatshana 2 ngaphansi kwemibandela engamiswa yiwona uMkhandlu.
noma isiphi isenzo esenziwe uMqondisi-jikelele, inhloko yoMnyango wesifundazwe, umsebenzi wezempilo, noma osebenza ngezempilo ngemuva kokubonisana noMkhandlu anganquma ukuthi usizo lomsebenzi wezempilo noma usokhemisi luyadingeka yini.
Umuntu okukhulunywa ngaye kusigatshana 1 akufanele agcina isitolo semithi noma ikhemisi.
Ngokwenhloso yesigatshana 7 "isitolo" kusho indawo lapho kukhishwa khona imithi namakhambi ebhalwe ohlwini emphakathini kwenziwe ngokukhishwa umuntu ogunyaziwe okuba ngaphansi kwendima yokusebenza ethintekayo ukuba akhiphe imithi.
Umuntu onesikhalo ngesinqumo soMkhandlu angadlulisa leso sikhalo sakhe ngesi nqumo ngendlela enqunyiwe kwikomiti okukhulunywa ngalo kusigatshana eliqokwe nguNgqongqoshe singakapheli isikhathi esinqunyiwe.
a ijaji noma imantshi esithathe umhlalaphansi noma ummeli wesenkantolo ePhakeme yaseNingizimi Afrika osesebenze lomsebenzi okungenani isikhathi esiyiminyaka emihlanu, okufanele abe ngusihlalo walelikomiti; kanye b nomhlengikazi.
Ukudluliswa kwesikhalo okukhulunywa ngakho kusigatshana 1 kufanele kulalelwe ngosuku, endaweni nangesikhathi esimiswe yikomiti lokwedluliswa kwezikhalo.
Ikomiti lokwedluliswa kwezikhalo kufanele liqiniseke ukuthi lowo odlulise isikhalo kanye noMkhandlu bazisiwe ngosuku, indawo kanye nesikhathi okukhulunywa ngaso kusigatshana 3 okungenani zingakapheli izinsuku eziyi-14 ngaphambi kokulalelwa kwesikhalo.
a biza noma imuphi umuntu elicabanga ukuthi angaba nolwazi olubalulekile mayelana nalolo ndaba olwedlulisiwe, noma elikholwa ukuthi unombhalo noma uphethe umbhalo othintekayo kulolo ndaba olwedlulisiwe ukuba avele phambi kwalo ngesikhathi nasendaweni eyoshiwo kulelo samaniso, ukuze azophonswa imibuzo noma alethe imibhalo nokuthi agcine ukuze kuhlolwe umbhalo awulethele; futhi b fungisa futhi lamukele isifungo kumuntu obizwe njengofakazi kulokho kwedluliswa kwecala.
Usihlalo wekomiti lokwedluliswa kwesikhalo kufanele amise inqubo ezolandelwa ngesikhathi kulalelwe lokho kudluliswa kwesikhalo bese azisa lowo odlulise isikhalo ngaleyo nqubo emisiwe.
a vumelana, lichithe, noma liguqule isinqumo soMkhandlu; futhi b yalela uMkhandlu ukuba ulandele leso sinqumo sekomiti lokwedluliswa kwesikhalo kulolo ndaba.
a Isinqumo sekomiti lokwedluliswa kwezikhalo kufanele sibhalwe phansi, bese kuthi umfanekiso walowo mbhalo unikezwe lowo odlulise isikhalo kanye noMkhandlu.
b Isinqumo sekomiti lokwedluliswa kwezikhalo okukhulunywa ngalo esigabeni a kufanele kwazise ngaso lowo odlulise isikhalo kanye noMkhandlu zingakapheli izinsuku eziyi-14 kusukela ngosuku okuthathwe ngalo leso sinqumo.
Amalunga ekomiti lokwedluliswa kwezikhalo angesizo izisebenzi zoMbuso ngokugcwele angakhokhelwa amaholo noma izimfanelo ezingamiswa uNgqongqoshe ngokuvumelana noNgqongqoshe wezeziMali.
r imali nezinhlawulo ezikhokhwayo ngaphansi kwaloMthetho; kanye s jikelele, noma ikuphi okudingekayo ngaphansi kwaloMthetho, noma okungenziwa uNgqongqoshe akubona kudingekile noma kubalulekile ukuba kunqunywe ukuze kufeze lokho okuphokophelwe ngaloMthetho.
d uphenyo olungenziwa ekusebenzeni koMkhandlu mayelana nokuqhutshwa kwemihlangano yoMkhandlu nemihlangano yekomiti eliphethe loMkhandlu, ukugcinwa kwamarekhodi emihlangano nezinqumo zoMkhandlu, indlela uMkhandlu owenza ngayo umsebenzi wawo ngokwaloMthetho noma iluphi undaba olungaphothuliwe ngokubona kukaNgqongqoshe;kanye e nemibiko, amalejista, amarekhodi, imibhalo namafomu angagcwaliswa agcinwe uMkhandlu noma angathunyelwa nguMkhandlu kuNgqongqoshe noma uMqondisi-Jikelele.
Isaziso esikhishwe noma umthethonkambiso noma yisinqumo esenziwe ngokwaloMthetho singachitshiyelwa noma ichithwe yileso siphathimandla esisikhiphile noma esisenzile.
a ememezela ngenhloso yakhe yokwenza leyo mithethonkambiso; futhi b emema abantu abathintekayo ukuba benze iziphakamiso mayelana nalokho.
b noma iyiphi imithethonkambiso uMkhandlu oluleke uNgqongqoshe ukuthi kufanele yenziwe ngokushesha ukuze kuzuze umphakathi.
c Inqubo yokwamukelwa kwemisebenzi noma izifundo zokuqhubeka nokuzithuthukisa ngolwazi lomsebenzi nguMkhandlu nokwamukela kwalabo abanikeza lezo zifundo; kanye d noma yini enye okufanele imenyezelwe njengemithethonqubo ngokwaloMthetho.
a ukhiphe leyo mithethonqubo ephephabhukwini loMbuso iGazethi kanye nesaziso umemezela inhloso yoMkhandlu yokwenza leyo mithethonqubo; futhi b umeme abantu abathintekayo ukuba balethe imibono yabo noma benze iziphakamiso ngaleyo mithethonqubo.
Imithetho ebhalwe engxenyeni yokuqala neyesibili yeSheduli iyasulwa kangangoba kukhonjisiwe engxenyeni yesithathu yeSheduli.
Ukwesulwa kwemithetho akuwaphazamisi amalungiselelo esikhashana aqukethwe esigabeni 61.
Noma isiphi isimemezelo, isaziso , umthethonkambiso, ukugunyazwa noma izinqumo esikhishiwe noma esenziwe, noma ikuphi ukubhaliswa noma ukufakwa ohlwini, noma ikuphi ukususwa elejisteni noma uhlu noma ukuqashwa noma yini nje eyenziwe ngokusho kwanoma imuphi umthetho osusuliwe ngokwesigaba 60 , kuthathwa njengokukhishwe noma okwenziwe ngaphansi kwezigaba ezihambisanayo zaloMthetho ngaphandle uma kuphikisana nokushiwo yiloMthetho.
Amalunga oMkhandlu ohlanganiswe noma obunjwe ngaphanbi nje nokuqala ukusebenza kwaloMthetho kufanele aqhubeke nokuba ngamalunga oMkhandlu futhi uMkhandlu uyothathwa njengobunjwe ngokulungile ngokwaloMthetho kuze kube usuku olumiswe nguNgqongqoshe lakhishwa ephephabhukwini lombuso iGazethi.
Uma noma iliphi ilunga okukhulunywa ngalo kusigatshana 2 lishiya isikhundla, uMkhandlu kufanele usale unalawo malunga asele kuze kufike lolo suku okukhulunywa ngalo kuleso sigatshana.
Ngale kwalokho okushiwo yisigatshana 1 nangokuhambisana nokushiwo kusigatshana 5, uMkhandlu unamandla okuqalisa futhi uphothule isinyathelo zokuqondisa izigwegwe ngokusho kwemithethonkambiso eyenziwe ngaphansi kwemithetho esisuliwe, kunoma imuphi umuntu okusolwa ukuthi ngapphambi nje komhlangano wokuqala woMkhandlu ngemuva kokuqala ukusebenza kwalomthetho wenze isenzo esingathathwa njengesingafanele nesiphoxayo ngokusho kwemithetho esisuliwe noma imithethonkambiso eyenziwe ngaphansi kwalleyo mithetho.
UMkhandlu ungeze wathathela noma imuphi umuntu izinyathelo okukhulunywa ngazo kusigatshana 4 ngaphandle uma okusolwa ukuthi ukwenzile noma ukwephulile ngokwemithetho esuliwe noma imithethonkambiso eyenziwe ngokwaleyo mithetho kuncishe kufane ncimishi nokwephula okushiwo esigabeni esihambisana naso esikuloMthetho noma imithethinkambiso eyenziwe ngaphansi kwaloMthetho.
LoMthetho uzakubizwa ngoMthetho woBuhlengikazi ka 2005 futhi uyoqala ukusebenza ngosuku oluyomiswa nguNgqongqoshe ngesimemezelo ephephabhukwini lombuso iGazethi.
UMkhandlu woBuhlengikazi ngomunye weMikhandlu emiswe ngokoMthetho engaphansi koMnyango wezeMpilo nokumanje nje ulawulwa uMthetho wobuHlengikazi ka 1978 (uMthetho onguNombolo 50 ka 1978) (lapha uzobizwa "ngoMthetho"). LoMthetho njengamanje ulawula umsebenzi wobuhlengikazi nokufunda nokuqeqeshwa kwabahlengikazi.
UNgqongqoshe wezeMpilo wasungula ithimba elizobhekana phakathi kokunye nokuguqulwa kwemikhandlu emiswe ngokomthetho engaphansi kwakhe ukuze kube nokuvikeleka okwanele komphakathi. Umthetho njengamanje usekelwe phezu komgomo othi imikhandlu ikhona ukuze ivikele umsebenzi hayi ukuvikela umphakathi.
Ngakho-ke inhloso ephambili yaloMthethosivivinyo ngukuguqula uMkhandlu woBuhlengikazi ukuze kwandiswe ukuvikeleka komphakatho nokuthuthukisa ukubika kwamalunga oMkhandlu kuNobhala. UMthethosivivinyo kuhloswe ngawo ukuba uxhume noma uqhubeke kulokho okushiwo uMthetho wezeMpilo kuzwelonke (uMthetho onguNombolo 61 ka 2003) neminye imithetho ethintekayo.
LoMthethosivivinyo ubuye futhi uzame ukukhuthaza okushiwo nguMthethosisekelo ngokutholakala kosizo lwezempilo nelungelo lokunakekelwa kwezempilo ngokuthi usizo luzonikezwa ngomoya wokuvikela ilungelo lekuhlonishwa kwesithunzi salabo abasebenzisa ezempilo.
Futhi, loMthethosivivinyo ufuna ukwenza izichibiyelo kweminye imithetho ukuze kulungiswe imithetho esilele emuva noma imithetho engahambisani nemithetho yamanje.
Kube nezingxoxo eziningi nabathintekayo ukuze kuboniswane ngenqubomgomo ezolandelwa kuloMthethosivivinyo. LoMnyango usebenzele phezu kwalezo zingxoxo ekubhaleni loMthethosivivinyo.
g ukuqinisekisa ukuthi uMkhandlu weluleka uNgqongqoshe ngezindaba ezithinta umsebenzi; kanye h nokubhalisa abahlengikazi nokugcina ilejista.
Ezinye izikhungo ezithintekayo njengeZiphathimandla zeziQu eNingizimu Afrika.
Akukho ngoba uMkhandlu uzoqhubeka ukuqoqa imali yawo ngezimali ezinqunywe ngaphansi kwaloMthethosivivinyo.
Abaluleki bezoMthetho boMbuso noMnyango wezeMpilo babona ukuthi loMthethosivivinyo kufanele ulandele inqubo esungulwe ngokwesigaba 76 soMthethosisekelo okungu "Sizo lezeMpilo".
Abaluleki bezoMthetho boMbuso babona ukuthi akudingekile ukuba kwedluliselwe loMthethosivivinyo eNdlini yabaHoli beNdabuko kaZwelonke ngokwesigaba 18 (a) soMthetho wabaHoli beNdabuko noMhlahlandlela wokuBusa ka 2003 (uMthetho onguNombolo 41 of 2003) ngoba awusho lutho oluthinta imithetho yendabuko noma imikhuba noma amasiko emiphakathi yendabuko.
